Kuyacaca ukuthi lolu bhubhane lwe -HIV/AIDS luzothinta zonke izindawo zokusebenza, abasebenzi bagule isikhathi eside, bangabi khona emsebenzini, abanye bashone, umkhiqizo wehle, nezinzuzo zabasebenzi zithinteke, kanjalo kuthinteke nempilo nokuphepha emsebenzini, izindleko zomkhiqizo kanye nogqozi lokusebenza1[1].
I -HIV ke kayinamingcele, ishaya ibhuqe noma kuliphi izinga lomphakathi, kayikhethe bulili, minyaka yobudala, kumbe ubuzwe; kodwa ke sekuyaziwa ukuthi isimo sabantu kwezomnotho siyaba nomthelela ekudlondlobaleni kwesifo nasekusabalaleni kwaso. i-HIV iba mandla ezindaweni nasemiphakathini ekhungethwe ububha, nalapho kwenzeka izinguquko ngokushesha ezinjengokungeniswa kwezindlela zokuphila nemikhuba yasemadilobheni, nalapho kwande khona ubudlova nokungasimami. Ukuqholeka kwaso lesi sifo kubhebhezelwa ukwehlukana ngemithombo kanye nokuthutheleka kwabantu abasuka emaphandleni bebheke emadilobheni. Abesimame, isikakhulukazi, yibona abasengcupheni yokuthola leli gcwane ngenxa yamasiko kanye nokuncika nkomo ngakwezomnotho okubenza bangabi sesimweni sokuziphathela izimpilo zabo.
Enye yezindlela ezinempumelelo kakhulu zokwehlisa nokwengamela umthelela we-HIV/AIDS emsebenzini, ukuphumelelisa inqubo mgomo nohlelo lwe-HIV/AIDS. Ukubhekela amaphuzu athile e-HIV/AIDS emsebenzini kuzonika abasebenzi, izinyonyana kanye nohulumeni ithuba lokuba babe negalelo elibonakalayo kumizamo yasemakhaya, kazwelonke, neyomhlaba yokuvimbela nokulawula i-HIV/AIDS. Ngalokhu-ke, uMgomo wakhiwe ukuba uhlahlele abaqashi, izinyonyana, kanye nabasebenzi indlela.
zokulinganisa isimo phakathi kwamalungelo nezibopho zabo bonke abathintekayo; kanye nezokuphumelelisa izibopho zeRiphabhuliki ezifundeni, njengalo iyilungu loMphakathi weNtuthuko eAfrika eseNingizimu (SADC).
Injongo enqala yoMgomo ukubekela abaqashi nezinyunyana imihlahlandlela yokuwuphumelelisa ukuqinisekisa ukuthi labo abanegciwane i-HIV abacwaswa ngokungafanele emsebenzini.
nokubhekana nokuxoshwa kwabasebenzi; kanye v nokuphatha izinqubo zokwethula izikhalo.
iNjongo elandelayo yomgomo ukuhlinzeka abaqashi, abasebenzi, nezinyunyana ngemihlahla ndlela ephathelene nokuthi mayiphathwe kanjani i-HIV/AIDS emsebenzini. Njengalo ubhubhane lwe-HIV/AIDS luthinta izindawo zokusebenza kanye nabantu ngabanye kumazinga ehluka hlukene, kudinga ukuba kubhekanwe nawo ngendlela ezokucabangela wonke lawa maphuzu. Ngakho-ke, uMgomo umbandakanya izimiso ezidingidwa kabanzi ngaphansi kwemithetho ebhalwe kuhlamvu- 5.
ukwakha amasu mgomo okuhlola isimo nokwehlisa igalelo lalesi sifo emsebenzini; kanye v nokwesekela labo Bantu abane -HIV/AIDS nalabo ebathintekayo ukuze baqhubeke nokusebenza isikhathi eside ngendlela enenzuzo kumkhiqizo.
i phakathi kwabaqashi, abasebenzi, kanye nezinyunyana emsebenzini; kanye ii naphakathi kwendawo yokusebenzela nabanye ababambi qhaza kumazinga emikhakha, kuzindawo ekuzinzwe kuzo, kuzifundazwe, nakuzwelonke.
Ukudalwa kwendawo yokusebenza eyesekelanayo ukuze abasebenzi abane-HIV bakwazi ukuqhubeka basebenze ngaphansi kwezimo ezijwayelekile emsebenzini abawenzayo uma besazizwa ukuthi basengamelana nawo ngokwesimo sempilo.
i-HIV/AIDS ithinta abasifazane ngokungefani nabesilisa, ngakho-ke lokhu kufanele kucatshangelwe lapho kuthuthukiswa izinqubo mgomo nezinhlelo zasemsebenzini.
Ukubonisana, ukumbandakanya wonke umuntu, kanye nokugqugquzela ukubamba iqhaza ngokugcwele kwabo bonke abathintekayo kuyisisekelo sayo yonke inqubo mgomo nezinhlelo ze-HIV/AIDS.
Bonke abaqashi nabasebenzi, kanye nezinhlangano zabo, bayakhuthazwa ukuthi bawusebenzise lo Mgomo, ukuthuthukisa, ukuphumelelisa nokuhlunga izinqubo migomo nezinhlelo zabo ze-HIV/AIDS ukuze zenelise izidingo zasemisebenzini yabo.
Ngokwezinhloso zalo Mgomo, igama 'indawo yasemsebenzini', kufanele liqondwe kabanzana kunalencazelo enikezwe kuMthetho wobuDlelwano baseMsebenzini, uMthetho-66 ka-1995, isiGaba-213, ukumbandakanya indawo okusetshenzelwa kuyo kungabheki kuphela labo Bantu abangaphansi kobudlelwano obuphakathi komqashi nomsebenzi, kepha nalabo abasebenza nakuleyo mikhakha yamabhizinisi angalandeli luhlelo kanye nalabo abazisebenzayo.
Lo Mgomo ke kodwa, awuthwesi muntu isibopho sezomthetho ngaphezu kwalezo ezikwimiThetho yokuLinganiswa eMsebenzini kanye noMthetho wobuDlelwano baseMsebenzini, nanoma yimuphi omunye umthetho okukhulunywa ngawo kuMgomo. Ukwehluleka ukuwugcina, kona ngokwakho akwenzi ukuthi umqashi azithole esebhekene nezinqubo ezithize zomthetho, ngaphandle uma uMgomo uqondise kuzibopho ezibekwe umthetho.
uMgomo kufanele ufundwe kanye kanye neminye imigomo yokuziphatha okuhle engahle ikhishwe uNgqongqoshe wezabaSebenzi.
Okuqukethwe kwalo mgomo kufanele kubhekwe lapho kuthuthukiswa, kuphunyeleliswa, kumbe kubuyekezwa noma iziphi izinqubo mgomo nezinhlelo ngokuhambisana nohla lwemithetho olungenhla.
Ezilandelayo ke, yizigaba ezikhethiwe, ezifanelekile eziqukethwe kweminye yale mithetho okukhulunywa ngayo ngenhla. Lezi ke kufanele zifundwe kanye neminye imithetho.
UMgomo ukhishwe ngokwesiGaba 54 (a) soMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi, i- Employment Equity Act, No 55 ka 1998, kanti isisekelo sawo isimiso mgomo sokuthi akungabi khona noyedwa umuntu obandlululwayo ngokungenabulungiswa ngenxa yokuthi une-HIV. Ukuze kwelekeleleke abaqashi nabasebenzi ukuba basisebenzise ngokungaguqukiyo lesi simiso emsebenzini, uMgomo uye ukhombe nezinye iziqeshana zemithetho.
IsiGaba-6 soMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi, sihlinzekela ukuthi kunoma iyiphi inqubo mgomo nanoma iyiphi inqubo, kungabi khona muntu, okhipha umsebenzi, kumbe ofaka isicelo somsebenzi inyumbazana ngoba nakhu ene-HIV. Uma ke kunoma ikuphi ukudingadwa kodaba oseluthathelwe izinyathelo zomthetho lapho kukhona izinsolo zokuthi umqashi ubandlulule ngokungafanele, umqashi ke sekufanele aveze ubufakazi bokuthi lolo bandlulo kumbe ukuphatha ngokwahlukile bekufanele.
Akukho mqashwa kumbe ofake isicelo somsebenzi, ozodingwa ukuthi aye kohlolelwa igciwane le- HIV ukuthola ukuthi banalo yini. Ukuhlolela i-HIV kwenziwa uyena umqashi kumbe kwenziwa egameni lakhe, kungenziwa kuphela uma iNkantolo yezabaSebenzi ikuvunile lokho kuhlola njengokunobulungiswa nokufanele ngokuhambisana nesigaba-7 soMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi.
Ngokuhambisana nesigaba-24 (e) soMthetho weziNhlelo zoXhaso lokweLashwa, i- Medical Schemes Act, No 131 ka 1998, uhlelo loxhaso lokwelashwa, kakufanele luqondile kumbe lungaqondile lubandlulule amalungu alo ngenxa yesimo "sempilo yawo". Futhi-ke, ngokwe- s 67 kungakhiwa izinhlaka zemithetho mgomo eziyalela ukuthi zonke izinhlelo ezixhasa ukwelashwa zibekelwe izinga elithile eliphansi kunawo onke ezinzuzo okufanele zitholwe yiwo onke amalungu okungenani.
Akukho noyedwa umqashi ovumeleke ukuthi athi umsebenzi, kumbe ofake isicelo somsebenzi, akaye kohlolelwa igciwane le- -HIV, ukuze athole ukuthi unayo yini noma cha. Njengokuyalela koMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi, abaqashi bangaya eNkantolo yezaBasebenzi ukuyocela igunya lokuhlola umsebenzi.
Ukuthi isigaba-7 soMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi, siyakuvimbela yini ukuthi abezempilo abahlinzekwa umqashi ukuthi bamhlole umsebenzi, uma umqashwa ecelile ukuthi ahlolelwe igciwane, kuncike ekuthenini iziNkantolo zezabaSebenzi zingakwemukela yini ukuthi umqashwa angalidedela nje ebhekile ilungelo lakhe lokuvikeleka okuhlinzekwa kulesi sigaba. Lolu daba ke, belingakathathelwa sinqumo yizinkantolo.
njengemibandela yokumbandakanyeka kuzinhlelo zokuqeqeshwa nokuthuthukiswa kwabasebenzi; kanye v nanjengombandela wokwemukela izinzuzo zabasebenzi.
Ngokwezinhloso zokufaka isicelo sesinxephezelo emveni kokuvelelwa yingozi emsebenzini embandakanya ingcuphe yokuthintana negazi kumbe ezinye izinketshezi zomzimba.
Ngemvume eyazisekile, futhi kube sekudlulwe ezelulekweni ezandulela nezilandela ukuhlolwa, njengoba kuchaza inqubo mgomo yokuHlolelwa i-HIV yoMnyango kaZwelonke wezeMpilo; kanye iv Nangokwezinkambiso eziqinile eziphathelene nokugcinwa kwemfihlo ngesimo somsebenzi sokuba ne- -HIV njengalo kuchazwe emushwaneni - 7.2 waloMgomo.
Imvume eyazisekile kuchaza ukuthi umuntu uhlinzekiwe ngolwazi, uyaluqonda, futhi ke ngalokho wasevuma ukuhlolelwa i-HIV. Kuchaza ukuthi ke umuntu uyaqonda ukuthi ukuhlolwa kuphathelene nani, kungani kudingeke ukuba ahlolwe, ziyini izinzuzo zokuhlolwa, kanjalo nobucayi bakho, okunye okungenziwa kanye nomthelela ongabangwa yimiphumela kubudlelwano nomphakathi.
Ukuhlolela i-HIV okungenagama lamuntu, okuqashelwa kungaxhunyaniswe namuntu, nokwenzelwa ukuqhuba ucwaningo ngesifo, kungenziwa uma kuzohambisana nezimiso zobuqotho nezomthetho ezimayelana nalolo lucwaningo 3[3]. Lapho kwenziwa ucwaningo olunjalo, imininingwane etholakele angeke yasetshenziswa ukubandlulula ngokungenabulungiswa abantu kumbe amathimba abantu. Ukuhlolwa akuzuthathwa njengokufihla amagama abantu uma kukhona ithuba lokuthi kuqageleke isimo somuntu sokuba ne--HIV ngokubuya kwemiphumela.
Lapho umsebenzi ezikhethela yena ukuveza isimo sakhe sokuba ne-HIV kumqashi wakhe kumbe ozwakabo, lolu lwazi alufanele bese lusakazwa lutshelwa nabanye ngaphandle kwemvume yomninilo futhi ebhalwe phansi. Lapho kungakwazeki ukuthi umsebenzi anikeze imvume ebhaliwe, kufanele ukuba kuthathwe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi umqashwa lo ngempela uyafisa ukuba asiveze isimo sakhe.
ukukhuthaza ukuthuthukiswa kwamathimba okwesekelana kubasebenzi abaphila ne-HIV kumbe i- AIDS; kanye iii nokuqinisekisa ukuthi abantu abakhuluma bakhululeke ngesimo sabo sokuba ne-HIV kumbe i- AIDS abakhishwa inyumbazana kumbe abafakwa ugcobho.
Umqashi unesibopho sokuhlinzeka futhi agcine ngokungasemandleni akhe, indawo yokusebenza iphephile futhi ingenabucayi ezimpilweni zabasebenzayo.
Ingozi nobucayi bokudlula kwegciwane le-HIV emsebenzini kuncane. Kodwa ke, kuke kwenzeke ukuthi kube nengozi yokuthi umsebenzi athintane negazi kumbe ezinye izinketshezi zomzimba womuntu onegciwane, ikakhulukazi emkhakheni wezempilo.
ukubikwa kwazo zonke izehlo zezingozi emsebenzini; kanye vii nokuqashelwa okufanelekile kokuvuleleka ku-HIV emsebenzini ukuqinisekisa ukuthi izimfuno zesinxephezelo kuyahlangatshezanwa nazo.
uMsebenzi unokunxeshezelwa uma ethole i-HIV kulandela ingozi yasemsebenzini, ngokoMthetho wokuLimala nokuGula eMsebenzini.
i ukuhlinzeka ulwazi kubasebenzi abathintekayo mayelana nezinqubo okuzodinga mazilandelwe ukuze bafanelwe ukunxeshezelwa; kanye ii nokwelekelela ngokuqoqwa kolwazi oluzosiza ukufakazisa ukuthi nangempela umsebenzi wathintana negazi eline-HIV emsebenzini.
Ukuthintana negazi emsebenzi kufanele kubhekanwe nakho ngokoMthetho wokuNxeshezelwa ngokuLimalela nokuGulela eMsebenzini. abaQashi kufanele baqinisekise ukuthi bayahambisana nezihlinzeko zalo Mthetho nanoma yiziphi ke ezinye izinkambiso nemihlahlandlela ekhishiwe ngokwalo Mthetho.
Abasebenzi abane-HIV kumbe i-AIDS kungeke babandlululwa ngokungafanele lapho kufanele bahlomule izinzuzo zabasebenzi.
Abasebenzi abaguliswa yi- AIDS kufanele baphathwe njengabasebenzi abaguliswa yinoma yisiphi esinye isigulo esiqhathanisekayo esibeka impilo ebucayini lapho sekufanele bathole izinzuzo eziqondene nabasebenzi.
iMininingwane eqhamuka kuzinhlelo zoxhaso lokwelashwa yesimo sempilo somsebenzi kufanele igcinwe iyimfihlo, futhi ingasetshenziselwa ukukhipha umsebenzi inyumbazana.
Lapho umqashi ehlinzeka ngezinzuzo zokuxhasa ukwelashwa kwabasebenzi njengengxenye yesixa sezinzuzo zabasebenzi, kufanele aqinisekise ukuthi loluhlelo alubandlululi muntu ngokungafanelekile, ngokusobala kumbe ngokucashile, ngenxa yesimo sakhe sokuba ne-HIV.
Lapho umsebenzi esegula kakhulu ngendlela yokuthi akasakwazi ukusebenza, umqashi wakhe unesibopho sokuthi alandele imihlahla ndlela emisiwe neyamukelekile malungana nokumiswa kwakhe emsebenzini, njengalo kubekiwe kuMgomo wokwenza nokuQhuba kaHle mayelana nokuMiswa kwabasebenzi oqukethwe kusheduli-8 yoMthetho wobuDlelwano baseMsebenzini.
uMqashi kufanele aqinisekise ukuthi kangangokusemandleni, ilungelo lomsebenzi lemfihlo mayelana nesimo sakhe sokuba ne-HIV liyahlonishwa noma ngabe kuqhutshwa ziphi izinkambiso ezimalungana nokuhluleka kwakhe ukusebenza. Umsebenzi angephoqwe ukuthi aye kohlolela i-HIV kumbe ukuveza isimo sakhe sokuba ne-HIV njengenxgenye yalezo zinkambiso, ngaphandle uma lokho kuhlolwa kugunyazwe yiNkantolo yezabaSebenzi.
Abaqashi kufanele baqinisekise ukuthi amalungelo abasebenzi malungana ne-HIV/AIDS, kanye nezinsizakalo abangazithola uma lawo malungelo exhashaziwe, kuyadidiyelwa kuzinhlelo nezinqubo zokukhalaza ezikhona.
Abaqashi kufanele baqwashise futhi benze ukuthi izinkambiso zokwethula izikhalazo ziyaqondwa nanokuthi abasebenzi bayazi ukuthi zisetshenziswa kanjani.
Abaqashi kufanele bakhe amasu athe phecelezi (ayisiphesheli) okuqinisekisa ukungaziwa komkhalazi ngesikhathi sokudingidwa kwesikhalo sakhe, lokho kumbandakanaya ukuqinisekisa ukuthi lolo hlelo luqhutshelwa ngasese.
b Ukuphathwa kwabasebenzi abane-HIV ngendlela yokuthi bakwazi ukuba basebenze ngendlela enenzuzo isikhathi eside; kanye c Namasumgomo okubhekana nezindleko ngqo nalezo ezihambisana nesimo se-HIV/AIDS emsebenzini.
Abaqashi nezinyonyana zabasebenzi kufanele bakhe amasu mgomo afanelekile ukuze bakwazi ukuthi baqonde, bahlole isimo futhi babhekane negalelo le-HIV/AIDS kumkhakha abaqondene nawo emsebenzini. Lokhu kufanele kwenziwe ngokubambisana nemikhankankaso kahulumeni emazingeni ohulumeni basekhaya, kuzifundazwe, nakuzwelonke, nalawo omphakathi kanye nawezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni.
Iqoqo lolwazi nemininingwane ngemiphakathi ezungeze indawo lapho umsebenzi wenhlangano wenzelwa khona; kanye v Nokucutshungulwa kwegalelo le-HIV/AIDS kubantu inhlangano eyenza nabo ibhizinisi ngokubadayisela impahla kumbe amakhono kanye nakumakhasimende ayo.
Yonke indawo yokusebenzela kufanele ithuthukise iNqubo mgomo nge- -HIV/AIDS4[4], ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi abathintwa yi-HIV/AIDS ababandlululwa ngokungafanele kuzinqubo migomo nakuzinkambiso.
imininingwane mayelana nemigomo yokuqasha isib.
viii imininingwane yezibopho zemisebenzi yokuphumelelisa umgomo nokuwuhlanganisa; kanye ix namasu okuqapha nokuhlola.
Zonke izinqubo migomo kufanele zakhiwe ngokubonisana nababambi qhaza abasemqoka emsebenzini, lokho kumbandakanya izinyunyana zabasebenzi, abamele abasebenzi, abasebenza ngezempilo zasemsebenzini, kanye nomnyango wezabasebenzi.
INqubomgomo kufanele iveze uhlobo lwendawo yokusebenza kanye nezidingo zakuleyo ndawo yomsebenzi.
ide ibuyekezwa njengalo nolwazi lwezesayensi nocwaningo ngezifo lude luguquka nalo; futhi iii kuqashelwe ukusetshenziswa kwayo ngempumelelo, bese ihlolelwa impumelelo nomthelela wayo.
Kuyanconywa ke, ukuthi yonke indawo yomsebenzi isebenzele ukuthi ithuthukise futhi isebenzise uhlelo lwe-HIV/AIDS lwasemsebenzini okuqondwe ngalo ukuba kuvinjelwe ukutholakala okusha kwesifo, nokuba kuhlinzekwe unakekelo nokwesekwa kwalabo basebenzi abathintekayo kumbe abagulayo, nokwengamela igalelo lobhubhane enkampanini.
Uhlobo nobubanzi bohlelo lwasemsebenzini kufanele kunqunywe yizidingo kanye namandla aleyo naleyo ndawo yomsebenzi.
ukwakha amasu mgomo okubhekana nezindleko ngqo nalezo ezilandela njengomthelela we-HIV/AIDS emsebenzini, njengalo kuchaza uhlamvu-14.
njalo ngezikhathi ezinqunyiwe, kuhlolwe futhi kubuyekezwe uhlelo.
Abaqashi kufanele bathabathe amanyathelo aqotho ukwelekelela abasebenzi ngokuyothola usizo lwezempilo kuzizinda ezifanele zezempilo, zezenhlalakahle, nezempilo yomqondo nezomphakathi, uma lezo zinsizakalo zingahlinzekiwe emagcekeni asemsebenzini.
Umnyango wezabaSebenzi kufanele uqinisekise ukuthi amakhophi alomgomo ayatholakala futhi kuyafinyeleleka kuwo.
Abaqashi nezinhlangano zabaqashi kufanele befake uMgomo kuzinhlelo zabo zokufikisa, zokufundisa nokuqeqesha abasebenzi.
Izinyunyane zabasebenzi zona kufanele zifake uMgomo kuzinhlelo zazo zokufundisa nokuqeqesha amagosa nabasebenzi.
Ucwaningo ngemigudu elandelwa yisifo, imbangela, ukusabalala, kanye namasu okusilawula emphakathini.
Ukuhlolwa kwezempilo ukuthola ukuthi umuntu unayo yini i- HIV. Lokhu kungambandakanya imibuzo ebhaliwe kumbe eshiwo ngomlomo ebuza ngokunye ukuhlolwa kwaphambilini kokuhlolelwa i- HIV; imibuzo ephathelene nokuhlolwa 'kokuziphatha okubucayi' (njengemibuzo ephathelene nenani labantu umuntu aya nabo ocansini kumbe ubulili aya nabo ocansini); kanye nanoma yiziphi ezinye izindlela ezakhelwe ukugwegwesa zithole ngesimo se-HIV somsebenzi kumbe ofake isicelo somsebenzi.
Uma kutholakale igciwane le-HIV emveni kokuhlolwa.
Uhlelo lokuthola imvume kusiguli eqinisekisa ukuthi siqonda ngokugcwele ngobunjalo bokuhlolelwa igciwane nangase akulindele emva kokuhlolwa, ngaphambi kokuba avume ukuhlolwa.
Umbhalo ochaza ngokuthi inhlangano imi kuphi malungana nodaba oluthize.
Kuchaza ukwenziwa kwanoma iziphi izinguquko emsebenzini kumbe endaweni yokusebenza okukahle okuzokwenza umuntu ophila ne- -HIV kumbe i- AIDS ukuba afinyelele kumbe abambe iqhaza kumbe athuthuke ngokomsebenzi.
Lokhu kuthi kakufane noku 'hlola okungayamaniswe nagama lamuntu', okuye kwenzelwe ukuhlola ukuthi zingakanani izehlo zesifo kumphakathi othize kumbe iqembu ukuze ulwazi olutholakale lapho lusetshenziselwe ukusilawula, ukusivimbela, nokusengamela.
[1] Umgomo uzohambisana neMihlahlandlela yeNsizakalo yokwalulekwa ngokuPhathwa kwe-HIV/AIDS emsebenzini. Kulindeleke ukuba lemibhalo ilungiswe kusigamu sesibili sika-2000 bese ishicilelwa ngo 2001. Imihlahlandlela izokunikeza neminye imininingwane mayelana nokuphunyeleliswa kwemigomo nezinhlelo ezihlongozwayo ukubhekana nale mithelela, kumbandakanya namasu mgomo okubhekela izidingo zamabhizinisi amancane kanye namabhizinisi asemakhaya.
[2] uMthetho wokuLinganiswa kwabaSebenzi awukwenzi kube yicala ukuphambana komqashi nesigaba 7 ngokuhlola kwakhe umqashwa. Yize kunjalo ke, umsebenzi owethula ukuthi ilungelo lakhe lokuhlolwa kumbe ukungahlolwa liye lagqekezwa, angaya kokwethula ukungeneliseki kwakhe kwa CCMA ukuze kuxazululwe, uma lokho kungayixazululi inkinga, angaludlulisela eNkantolo yezabaSebenzi udaba lwakhe ukuze luthathelwe khona isinqumo.
[3] Buka, phakathi kokunye, iNqubo Mgomo yoMnyango wezeMpilo yokuhlolelwa i-HIV kanye nemiThetho Mgomo yeziNhlanganisela nezingxube eziyiNgozi.
[4] Le Nqubo mgomo kungaba eqondene ngqo ne-HIV/AIDS, noma ingadidiyelwa kwenye ephathelene nezifo ezidala ubucayi empilweni.
